Khetha isifunda lapho okukhona khona isikole sakho, uhlu ngaphansi "kweSinyathelo 2: Thayipha inamba ye-EMIS noma khetha isikole ohlwini " isihloko sizobukezwa, sikukhombisa izikole ezisesifundeni sakho.
Dlulisa amehlo kulolu hlu ukuze uthole isikole sakho ngqo noma inamba ye-EMIS yesikole ebhokisini elincane leCombo ngezansi, lapho uthayipha inamba, igama lesikole likhombiseka kahle nalo, cindezela ukhiye u-[Enter] kukhibhodi nasemininingwaneni yesikole kufanele kugqanyiswe ohlwini.
Cindezela inkinobho "Isinyathelo 3: Faka ulwazi lwesikole sakho" kanye nebhokisi lenkulumo mpendulwana lizovela.
Emva kokuba uqhafaze u-"OK", ikhasi 1 lefomu lokufaka ulwazi oluqoqiwe lizovela. Gcwalisa zonke izindawo ezidingekayo njengoba ubuzokwenza kukhophi eqinile efomini lokuhlola.
Umdwebo 5: Ikhasi 1 lefomu lokufakaOnke amafomu abukeka futhi asebenza ngokufana futhi akhelwe ukuthi afane nekhophi eqinile.
Yana kwelinye ikhasi, qhafaza inkinobho "ikhasi elilandelayo" ku-toolbar enkulu. Yana ekhasini elilandelayo kuphela uma unesiqiniseko sokuthi lonke ulwazi oluqoqiwe lufakiwe lwekhasi elithize, njengoba ulwazi lwethebula ngalinye lizoqinisekiswa ngaphambi kokuba ulondoloze futhi uphrinte.
Uma ufuna ukugcwalisa ifomu yokuhlola ngesandla ungenalo ifomu elingabhalwe lutho, qhafaza inkinobho ye"fomu elingabhalwe lutho" ku-toolbar enkulu. Lesi senzo sizophrinta ifomu lokuhlola elingenalutho.
Uma sewukuqedile ukuhlola, qhafaza inkinobho "Ukulondoloza nokuPhrinta ulwazi lwezikole" ku-toolbar enkulu, uhlelo luzobe seluphrinta ifomu Yokubala nolwazi olufakile. Uma uphendule wathi "yebo" emuzweni ngokulondoloza ulwazi oluqoqiwe ngeZikole kwelinye ifomu ngendlela esusekayo, isb. I-CD noma i-memory stick, uhlelo luqzosheshe lufune indawo. Ingasayinwa-ke ikhophi ephrintiwe kanye kanye nendlela ephethe ifayili lolwazi oluqoqiwe olulethwe ehhovisi lesifunda.
Izikole eziyisipesheli: Amathebula 2, 5, 7 no-8 kufanele kube nezamba kanye nolwazi lwekilasi kufanele lugcwaliswe emakilasini onke lapho okubhaliswe khona. Sicela uqiniseke ukuthi izinamba ethebulini ngalinye zilungile ukuze izamba zizolingana.
Izikole ezejwayelekile: Amathebula 3, 7 no-8 kufanele kube nezamba kanye nolwazi lwekilasi kufanele lugcwaliswe emakilasini onke lapho okubhaliswe khona. Sicela uqinisekise ukuthi izinamba ethebulini ngalinye zilungile ukuze izamba zihambelane.
Uma kwenzeka udinga nanoma yiluphi uhlobo losizo noma lokwesekwa, sicela uqondise imibuzo yakho kumsebenzi ofanele.
